trans-8976

U-Anansi isicabucabu esinomhobholo nofudu lwamanzi

ATU60
LanguageZulu
OriginGhana

Ngenye intambama, u-Anansi isicabucabu wahlala phansi eduze kokudla okumnandi kwantambama. Lapho nje u-Anansi ethi ufaka ukudla kokuqala emlonyeni, wezwa kukhona ongqongqozayo emnyango wakhe. Wavula. KwakuwuFudu lwasemfuleni. Lwalukhathele kakhulu. UFudu lwathi, “Anansi, ngingenise, siza. Ngibe nohambo olude namuhla, ngikhathele ngilambile.”

Kodwa u-Anansi wayengakwazi ukucabangela abanye abantu uma enokudla. Wathola isu elibi nje. Kuthe uma uFudu luhlala phansi etafuleni luqala ukudla, wamemeza u-Anansi wathi, “Fudu, izandla zakho zingcolile! Awukwazi ukuthi ungadla ngezandla ezinjalo! Hamba uziwashe.” Zazivele zingcolile izandla zikaFudu ngenxa yokuhamba ngazo usuku lonke. Wasuka-ke uFudu wacathula kancane waya emfuleni wayozigeza, wabuya futhi kancane ezohlala etafuleni.

U-Anansi wayevele waqala wadla. Ngenkathi uFudu efika ukudla kwasekuyophela. Kwathi uma uFudu ehlala nje phansi, wamemeza u-Anansi. “Fudu, izandla zakho zisangcolile. Hamba uzigeze futhi!” Vele zazingcolile ngoba wayeye wahamba ngazo yonke indlela esuka emfuleni. Ngokudumala, uFudu wasukuma waphuma wayogeza izandla futhi emfuleni.

Ngenkathi ecathula ebuya wafika ukudla sekuphelile. UFudu wabuka u-Anansi wathi, “Ngiyabonga ngokungimema ngizodla nawe isidlo. Uma kwenzeka uzithola useduze komuzi wami ungene sizodla ukudla kwantambama.”

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, u-Anansi isicabucabu wazithola esecabanga ukuthi uFudu kambe ummeme kanjani nje ukuthi bazodla. Wavele wahamba ngelinye ilanga waya emzini kaFudu kusemini. Ilanga laliphezu komfula ngaleso sikhathi. UFudu wayelele edwaleni ethamele ilanga, ezama ukufudumala njengazo zonke izimfudu. Kuthe uma uFudu ebona u-Anansi, wathi, “Kunjani bo, Anansi! Kungabe uze ukuzodla kanye nami?” Wayesethi u-Anansi, “Impela, kungaba mnandi uma kungaba njalo, ngiyazibongela.” Wayezwa ukuthi uya ngokuya elamba. UFudu wangena emanzini. U-Anansi walinda edwaleni ngaphandle. Masinyane uFudu wabuya wathi, “Kulungile, Anansi! Sekulungile ukudla. Yiza sizitike.” Washo ecwila emanzini enikela ekudleni okwakungamahlamvu aluhlaza eqala ukudla. U-Anansi wazama ukungena emanzini aze ayofika phansi, kodwa uyisicabucabu phela, akalona ufudu, akuvumanga. Walokhu entanta nje phezu kwamanzi. Wazama futhi, wazama, wazama, akwangalunga lutho. Wagcina engafinyelelanga ekudleni phansi emanzini.

Ekugcineni u-Anansi wathola isu. Wabeka amatshe amaningi ephaketheni lejazi lakhe. Wawabeka waze wasinda wacwila waya phansi emhlabathini ngaphansi kwamanzi. Wathola uFudu esetafuleni, kugcwele amahlamvu amahle amnandi nokunye ukudla.

Uthe uma ethi uyakubamba u-Anansi ukudla okumnandi, uFudu wammisa. Wathi, “Anansi, awukwazi ukudla ukudla okumnandi kanje ugqoke ijazi! Asenzi kanjalo lapha emzini wami.” U-Anansi walikhumula ijazi. Kwasala amatshe phansi, waqala wakhuphukela phezulu kwamanzi wafika wantanta khona.


Download XMLDownload textStory