trans-9175

Impungushe negwababa

ATU57
LanguageZulu
OriginGreece

UMnu Mpungu, impungushe, ngelinye ilanga wabona igwababa lindiza liphethe ushizi ngomlomo. Laye layohlala esihlahleni.

"Owami lo shizi, ngiyimpungushe phela mina," kusho uMpungu, ngaleso sikhathi esondela ezoma eduze nesihlahla.

“Sawubona, Nkosazana Gwababa,” kumemeza yena. “Waze wabukeka kahle namuhla ntombazane, izimpaphe zakho ziyacwebezela; amehlo akho ayakhanya. Ngiyabona nje ukuthi izwi lakho limnandi kakhulu kunelezinye izinyonyana lezi engingazi ukuthi umsebenzi wazo yini. Ake ungiculele iculo elilodwa nje ngikulalele, ukuze ngikubize ngeNdlovukazi yeziNyoni.”

Igwababa elalazi nalo ukuthi alikwazi vele ukucula, laphakamisa ikhanda lalungiselela ukukhipha ingcwenga yezwi. Lathi uma lisho kanye nje, waqathaka ushizi. UMpungu wayesephezu kwawo wawuphendula owakhe.

Lalisathe, “Ngizokwenza lokho,” kusho igwababa; ngenkathi uMpungu ethi, “yilokhu-ke ebengikufuna.”

Wayesephinda ebheka phezulu esihlahleni uMpungu, washo lawa mazwi: “Umbhanselo engizokunika wona ngenxa yakho nokungipha kwakho ushizi, yisiyalo esizokusiza kusasa: ‘Gcina ngci ukwethemba abakhohlisi.’”


Download XMLDownload textStory